Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Ukuphuthelwa yi Salah! (Missing a Salah!)

Kuyisono esikhulu ukuyekelela ngamabomu i Fardh [ ewumgomo ] Salah.

Ukuphuthelwa yi Fardh Salah ngokungayenzi ngesikhathi esibekelwe yona kuyicala elibi kabi. Uma i Salah ikuphuthile, kumele wenze inqwaba ye Taubah kanjalo ne istighfar, kulandeliswe ngesinqumo esinzima sokuthi ngeke iphinde ikuphuthele futhi i-Salah. Ngokuphenduka ngokuzithoba, kumele umuntu axolelwe ngesono sokuzindelisa i Salah esikhathini esibekiwe sayo.

Kodwa-ke, esigamekweni esingesihle saleyo Salah engenziwanga ngesikhathi sayo esibekiwe, kuyaphoqa ukuba ukuyikhokha ngokuyenza leyo Salah ekuphuthile. Lokho kubizwa ngokuthi yi Qadha.

I Taubah ayimkhululi umuntu ekwenzeni  i Qadha. Uma engayenzi i Qadha yaleyo Salah emphuthile, isono siyohlale simile.

U Rasulullah SAW wake wabuzwa mayelana nomuntu ophuthelwa yi Salah ngenxa yokulala noma ngokungazi. U Rasulullah SAW waphendula ngokuthi i Kaffarah [ indlela yokuphuma nokuzikhulula esonweni] wukwenza leyo Salah ngokushesha kusukela ekhumbulile. ] Sunan Nasai; *613]

Login to post comments

Nisab

28/11/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R45 468
- Minimum Mahr: R909
- Zakaat Nisab: R18 187
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com