Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

AKEKHO OMUNYE , NGAPHANDLE KUKA-ALLAH

U-Allah (s.w) unolwazi oluphelele futhi olumangazayo ngayoyonkinto. Yonkindawo kuwowonke amazulu! Yebo akukho okwenzekayo ngaphandle kokwazi kwakhe uAllah. Ingakho kufanele ukuphetha ngokuthi u Allah ukhona yonke indawo.

Singazubala bonke uphuchule nemishini esinayo, abantu bazi futhi banolwazi oluncane ngomdali. Ingcosana yolwazi elingana neconsi. Ngempela ulwazi lwabantu alulingani ngisho neconsi elisala enalitini uma uyithintisa amanzi. Imshini yonke abantu abanayo akukabi sezingeni lokuqondisisi nokushaya khona, ngokuba yakhiwe ngabantu kwazise into eyakhiwe umuntu kumele ibenamaphutha ( ishluk 19 v 47).

Kepha inqubo ka Allah ayinamaphutha ngokuba ilawulwa uMdali wayo uAllah. Akekho Omunya ngaphandle kukaAllah (s.w). UAllah uhlezi enza noma esho into enjalo akenzimaphutha. Ulwazi kwakhe lwandela yonke into ephilayo nengaphili emhlabeni yonke.

UAllah ngaphandle kwakhe AKEKHO UMUNYE, umazi wakho konke. Iziqephu ezilandelayo zesahluko ( an’ aam ) kufakazela Kona lokhu :

“ kuyena kukhona zonke izikhiye zokungabonakaliyo , AKEKHO onazo ngaphandle kwakhe.” Ishlk( 06 v 59)

Ngokuseqinisweni , izikhiye okungulwazi lwakhe lwakho konke okwenzekayo , okubonakalayo nokungabonakali lunaye yedwa yena kuphela AKEKHO UMUNYE NGAPHANDLE KUKA-ALLAH.

“Futhi yena wazi konke okusemhlabeni nasolwandle “ s06 v 59

Yonke into esemhlabeni , futhi nayoyonkinto ekweminye imihlaba ezungezayo kwamanye amazulu yaziwa Nguye, AKEKHO UMUNYE NGAPHANDLE KUKA-ALLAH. Ngempela yonke into okubalwa amalwandle , iminfula , amazulu , njjl.

“Alikho ihlamvu eliwayo ngaphandle kokuthi uyazi “ s 06 v 59

Ukuhlukana kwehlamvu esihlahleni , nokulingana kwezinto kuchaziwe osolwazi kabanzi ukuthi umnyakazo, ukundiza kwehlamvu, ukuwa kwalo kusuka esihlahleni kusolwazini lwakhe UAllah ngaphandle kwakhe AKEKHO UMUNYE.

“ akukho nhlavu esekujuleni kobumnyama bomhlaba , noma into evuthiwe nekhlaza ngaphandle kokuthi ilotshiwe emibhalweni ogqamile” s 06 v 59

Login to post comments

Nisab

28/11/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R45 468
- Minimum Mahr: R909
- Zakaat Nisab: R18 187
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com