Zulu
Ngenxa yokungawamukeli kwethu umyalezo we-Quran kanye nowe-Hadith,kanti futhi
kusukela izinhliziyo zethu zingakwazi ukuqonda ubumsulwa balezinto, yingakho
singayizuzi i-Noor ya Allah Ta'ala.
U- Disemba no- Janwari yizinyanga zokuphumula eziqondana namaholide esikole okuphela
konyaka. Abantwana nabazali, ngokufanayo basuke belangazelele ukuchitha lesisikhathi
bengcebeleka ngezinsuku ezishisayo zasehlobo.
Vimba
UKUHLUKUMEZA NGODLAME ABESIMAME
.... KUNGABE SINGAMADODA NGOKWANELE UKUTHI SINGAKUGXEKA ?
Injongo ye Qurbani wukuletha ubunjalo be Qurbani - umhlabelo - empilweni yethu.
I-Qurbani akusona isenzo nje sesiko. I- Shariah iyigcizelela ngalendlela ukuthi nabesimame
bayakhuthazwa ukuba bazihlabele ngezandla zabo. Uma ngasizathu thize bengakwazi
ukuzihlabela mathupha isilwane, kumele babe khona lapho kuhlatshwa khona, uma nje
imigomo ye- Hijab igciniwe.
Lime njalo iSolezwe. Ngibonga ngodaba oluqwashisa ngokucwila kwamponjwana, oluphume
kwi Solezwe langomhlaka 11 Disemba 2007. Angazi ukuthi wubani lona owasikhohlisa
ngokuthi ukuphuza kuyajabulisa noma kuqeda usizi. Angikaze ngibone abantu abaxabana
bejabule ngaphandle kwabasuke bezijabulisa ngotshwala.
More...
Injongo Yokuphila
Amalungiselelo ohambo lwaseMpini eNgwcele iTabook lwaluseduze.eMadina Munawwarah kwakunendlala nesomiso.AmaMuslim ayenezilwane ezimbalwa zokugitshelwa.Nokudla kwakukuncane.Kodwa kwakunamaSahaaba (R.A) ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu okwakumele bahlomele lempi enkulukazi.uRasulullah (sallallaahu alaihi wasallam) wama phambi kwebandla egqugquzela amaSahaaba (RA) ekutheni banikele ngokungasiza empini.Ngalenkulumo kaRasulullah (sallallaahu alaihi wasallam) uHazrat Uthmaan (RA) wanikela ngamakameli angamakhulu ayisithupha kanye nezihlalo zawo.Abanye ababekhona bathi wanikela nangamahhashi
angamashumi amahlanu kanye nenkulungwane yemali yegolide.
Ukuze sithole kahle inani lwezinto anikelangazo,okokuqala kumele sazi ukuthi umuntu owaye nekameli ngesikhathi sakudala kulingana njengomuntu onemoto ebiza izigidi kulesisikhati esikuso.Inani lekameli lilinye libiza R20 000, linganyuka lize lifinyelele ku R12 million.Bese uyahlanganisa amanye amamiliyoni ezihlalo zamakameli,amahhashi angamashumi amahlanu kanye nalenkulungwane yemali yegolide.Uma usubala zonke izinto anikelangazo uHazrat Uthmaan (RA) kulesisikhathi samanje zaba ngaphezulu kuka 15 milliyoni.Sisho lokhu singasazibali izimali nezinto ayezinikela ngesinye isikhathi.Uma usuthatha ubheka wayengumuntu owayenezimali zakhe,inkinsela yangempela.
UKUQEDA I-QUR'AAN YONKE
Njengoba besibala umcebo uHazrat Uthmaan ayenawo,akazange awuthole ngokuthi alandele okomhlaba njengoba thina senza.Kodwa yena isikhathi esiningi wayesichitha no Rasulullah(sallallaahu alaihi wasallam) esiza ne-Islam.Wayengaphuthwa nawowodwa umthandazo.
Kuthiwa emibhalweni waye funda noma wayehumusha iQur'aan yonke emthandazweni wakhe we Witr.Wayengomunye walabo abayishumi abatshelwa besasemhlabeni ukuthi bazolingena iZulu.
UHazrat Uthmaan (RA) wayengeyedwa kulamaSahaaba (RA) ayecebile kodwa wayengomunye kwabaningi.Kodwa ukuceba kwakhe akuzange kube yisithikameziso sakhe ekutheni angaDumisi u-Allah.Babengabantu abahlomulile eMhlabeni naseZulwini.
UKUPHELELWA YITHEMBA NOKUZIBULALA
Lokhu ebesikuchaza ngaphezulu bekuyingxenye eyodwa.Lena enye ingxenye engathokozisi (enokubanda).uLewis Lapam waseMelika (Owayeyisifundiswa) wahlala phansi wacubungula isimo semindeni engamashumi amahlanu leyo eyayicebile,wase esethola ekucubulungeni kwakhe wathi.'' Ngiyathola iningi lalabo abashiyelwe amafa bonke banomaka wokuphuza,ukuzibulala,izidakamizwa kanye nokulahla ithemba okukhulu.'' Banezizumbulu kepha banokulahla ithemba. Lababantu ngempela banokulahlekelwa eMhlabeni naseZulwini.
Impande yalenkinga isekutheni senza izinjongo zethu zibesezintweni zoMhlaba.Ngakhoke akesime sicabange bese sishintsha izinjongo zethu zibe kuMdali.
Sicela u-Allah asiphe izibusiso asenze sibe ngamaMuslim aqotho.Senze i-Islam ibe injongo yethu.Aameen
Ungabakanjani yi-muslim
Nanoma ubani obusiswe ngesipho SENKOLO YEQINISO loyomuntu usuke enenhlanhla enkulu.
Ebantwini abayizigidi ngezigidi abahamba emhlabeni uNkulunkulu uMdali wethu uQobo,ngomusa wakhe nangothado,wakhetha umuntu oyedwa amzwelayo wamdabukela wasemnika izibusiso,ngokumholela eNkolweni yeQiniso i-Islam.
Njengoba isho nencwadi engcwele iQur'aan ithi, “OKUYIYONANKOLO” eyamukelekile ku-Allah i-Islam.
YINI I-ISLAM?
Igama elithi islam lichaza Indlela yokuphila.Okusho izimfundiso nendlela okumele siphile ngayo nabanye abantu lapha eMhlabeni.
Uma ufuna ukuba i-Muslim,kumele uvume ukholo ngenhliziyo yakho yonke.Kumele ufunde noma ufundiswe ngezinkolelo nangeziMfundiso zamaMuslim.
Izinkolelo okumele umuntu azazi ngaphambi kokungena kwi-Islam yilezi ezilandelayo:
uKholelwa ekutheni: uNkulunkulu munye,Akazali futhi Akazalwanga.
Umphrofethi uMohammad (ukuthula makube kuye) uyisithunywa sokugcina sika-Allah emva ku-Jesu (ukuthula makube kuye) futhi akekho omunye uMphrofethi ozayo emuva kwakhe.
I-Qur'aan Incwadi yokugqcina eyembulelwa uMphrofethi uMohammad (ukuthula makube kuye) konke okuqukethwe kuyo kuyiqiniso.
Impilo yakwelizayo iyiqiniso, lapho siyophumula ungunaphakade.
Konke okubhalwe eNcwadini eNgcwele kanye nezimfundiso zoMphrofethi (ukuthula makube kuye)ziyiqiniso.
Uma umuntu esekwamkele ngokweqiniso konke okungasenhla,ngenhliziyo namgomlomo(nangokuphimsela) loyomuntu usuke eseyiMuslim.
Okubalulekile:Ukwamukela inkolo yeIslam akuyona indeyinde njengukuthi kumele uyobhabhadiswa nokunye,njll. njengakwamanye amabandla. Umuntu angazikhethela noma angazamkelela eyedwa inkolo yeIslam.
Kodwa ngaphezu kwalokho kumele uye kubeFundisi,noma ezikhungweni zencazelo yeIslam,lapho uyosho amagama okholo achaza yonke into esesiyichazile ngamafuphi.
Ash hadu allah ilahaa illallahu
wa ashhadu anna muhammadan abduhu wa rasuluh
Incazelo:Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi akekho omunye uNkulunkulu okumelwe ukukhonzwa ngaphandle kuka Allah,noMphrofethi (ukuthula makube kuye) uyisithunywa sakhe.
Amantu billahi wa malaikatihi wa kutubihi warusulihi walyoumil akhiri
wal qadri khayrihi wa sharrihi minallahi ta'ala wal ba'si b'adal maut
Incazelo: Ngiyakholelwa ku Allah,eziNgelosini zakhe,eziNcwadini zakhe,kubaPhrofethi bakhe,oSukwini Lokugcina,konke okuhle nokubi kuvela kuyena,nasosukwini lokuvuka kwabafileyo.
Okokugcina uma usuyiMuslim kumele uzihlambulule kuzozonke izinkolelo obunazo kudala,LEZI EZINGAHAMBISANI NE ISLAM.
Kumele ngasosonke isikhathi ubuze ngokungakwazi,noma ongenaso isiqiniseko ngakho,kunoma isiphi isikhungo sencazelo yeIslam.
Noma ungaxhumana nathi kulelikheli elilandelayo:
53 Joyce Rd, Sea Cow Lake
Tel: 031 577 7868 – Fax: 031 577 6012
INTSHA KUMELE IZIPHATHE KAHLE
Ngu Maulana Imraan Ngcobo
Nanoma iziphi izenzo umuntu azenzayo kuhamba kuhambe zibuye ngaye. Ayikho into oyenza kugcine kunjalo, ekugcineni kubuya ngawe.
Ngezikhathi zamaholide kakhisimusi bekubukwa intsha ngezenzo zayo ezingezinhle neze.
Beyihamba yehlayenyuka emigwaqeni kodwa imisebenzi ikhona emakhaya.
Ukuvela ngaphandle ematekisini iphethe amathawula ihlabelela nezimoto ezigqomayo.
Ukusetshenziswa kwezidakamizwa nophuzo oludakayo.
Ukuqabula intombazane phambi komphakathi ngale kwenhlonipho nokungabanaki abantu abadala.
Kuyaxaka ngoba lezizenzo zibizwa ngenjabulo kepha umphumela wazo ukufa. Umbuzo omkhulu ukuthi kulula yini ukuzithiba ocansini uma usuphuze kakhulu noma usebenzise iziyobisi na? Kusho ukuthi nokuqwashisa ngengculazi kungumdlalo.
Intsha kumele ike icabangisise kahle ukuthi lezizenzo ziyogcinaphi nokuthi kufanele yini umuntu aphilele ukufa.
Kumele intsha yazi futhi ukuthi izinto ezenza manje, ziyoba nomphumela ongemuhle nasentsheni eza emvakwayo.
Make sonke sizithibe sicabangele imindeni yethu nabantu esiphila nabo, nokuthi siyongcwaba koze kubenini ngenxa yenjabulo enobudedengu.
Intsha kumele ibukele entsheni yango 1976 esakhunjulwa namanje ngenxa yemisebenzi yayo emihle.
I-Islam iyisixazululo, ngakhoke uma ufuna ukwazi ukuthi iyisixazululo kanjani. Thintana nathi kulikheli, noma shayela kulezinombolo ezilandelayo:
DARWIN'S ''EVOLUTION THEORY''
INKOLELO YETHU ISENGOZINI
MANJE ISEZIKOLENI ZETHU
Emuva kokuzwa isimemezelo soMnyango weZemfundo ekutheni onyakeni ka 2008 kuzofakwa incwadi noma isilabhasi ka Darwin, okuyi THEORY OF EVOLUTION ku grade 10 no 12, abazali bezingane zama-Muslim bayanxuswa ukuthi baqaphele ingozi yokuthi izingane zabo kungenzeka zibhekane nenkinga yenkolelo ngalencwadi.
Yize isikhungo sezemfundo singakasenzi impoqo lesisifundo ngaphansi kwe Life Science lapho le-Evolution izofakwa ngaphansi kwayo,ngakhoke kubalulekile ukuthi abazali nezingane zamaMuslim
bazi ngayo,ngoba kunokwenzeka ukuthi abafundi bamaMuslim bawele kule Evolution Theory engahambisani ne Islam.
Ngamafuphi le-Theory ikhuluma ngani na?
-Iphika ubukhona buka-Allah (Umvelinqange) owadala umuntu nakhokonke okuseMhlabeni
-Isiqalo noma imvelaphi yomuntu ekutheni ivela ezinkawini (lezi ezingenamisila); ekuhambeni kwesikhathi zaphenduka zaba ngabantu (yithina)
-Umuntu ungenye yezinhlobo zezilwane; ngakhoke kumele siyilwele kanzima impilo ngobakuphumelela loyo onamandla
-Ukungakholelwa kubukhona buka-Allah,eNkolweni naseMoyeni oyiNgcwele.
Ngakhoke,le Theory ka Darwin iphika ubukhona buka Allah – uMdali noMondli Wethu
okusho ukuthi iphikisana nezimfundiso ze-Islam ezisifundisa ukuthi u-Allah uyena owadala iZulu noMhlaba nakhokonke okuphakathi kuwo.
LeTheory yakhe yachithwa yizozonke izifundiswa zamaMuslim,kanye nezifundiswa jikelele. Izincwadi ngezincwadi zabhalwa ngalesisifundo.
Omunye wezifundiswa esigogodile kweze-Islam wabuzwa ngale Theory,waphendula wathi,''Akunasidingo soku phendula lombuzo ngale Theory ngoba nanoma ubani uyabona ukuthi lento ayichazayo iyinto engekho.''waseqhubeka ethi.''Wonke umuntu kumele aziqhenye ngo baboMkhulu bakhe.'' Njengoba lo Darwin eziqhenya ngobaboMkhulu wakhe (izimfene),akaziqhenye ngabo.Kodwa thina maMuslim ubaboMkhulu wethu nguHazrat Adam (AS).Siyaziqhenya ngobaboMkhulu.
N.B.amaMuslim kumele aphakamise uvolwawo ngokubhala khona kuzochithwa lombono.
Niyacelwa nibhale noma nithumele i-fax (021 323 5837) noma i-email (This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.)
eMnyangweni zeMfundo.
Umzali wabobonke ububi
IZIDAKAMIZWA
uHazrat Jaabir (RA) ulanda ngoRasulullah (Sallallaahu Alayhi Wasallam) ethi,''Yonke into enokudaka ayivumelekile,encane noma enkulu oyisebenzisayo.'' (Tirmidhi,Abu Dawood,ibn Maajah)
uRasulullah (Sallallaahu alayhi Wasallam) uyasitshela ukuthi yonke into edakayo ayivumelekile.Kulesisikhathi esiphila kuso, kunezidakamizwa ezisetshenziswayo okuyiNsangu,Mandax,LSD,Cocaine,Horraine,njll.Lokusetshenziswa kwalezidakamizwa sekungenela ngisho nasemakhaya amaMuslim,bese kuba nokuqhekeka okukhulu emphakathini nasemakhaya imbala,lokuthathwa kwalezidakamizwa kuyimbangela enkulu ekutheni imindeni ibulalane,ubugebengu,ukuhlukunyezwa kwezingane,nabobonke ububi obenzekayo manje.
Intsha yamaMuslim iheheka kalula, ikakhulukazi kubangani, ekutheni badlalele ngasezidakamizweni,utshwala,nakuzozonke izinhlobo zamahlazo.Uma siqhubeka senza izinto ngokunganaki,sihamba sizihloma nanomaphi ngoba sifuna ukujabulisa abangani bethu sizozithola sisenkingeni enkulu,lapho kuyobanzima ukuzikhipha kuyo.
Oh maMuslim! Vukani emaqandeni! Impilo yalezidakamizwa yimpilo eya ebumnyameni sibhekile,singenzi izinto ezenziwa ngezinye izizwe ngoba sifuna ukubukwa. Lokhu kukukhipha endleleni eqondile njenge Muslim.
Lesi yisikhathi sokuthi sazi ukuthi lezidakamizwa zinobungozi obuningi obuhlukahlukene esingeke sabunaka uma sesibanjwe yizo izidakamizwa.Njengokuthi izidakamizwa zibulala loyo ozisebenzisayo,ngokomoya,impilo,isimo somzimba,ingqondo,nomcebo kanye nomndeni,nomakhelwane.
UKULIMALA NGOKOMOYA
Okuyikhona okukhulu ukulimala okomoya nokungamesabi uAllah,awube usakwazi ukubambelela kwi-Islam njengomuntu omesabayo uAllah.Ngenkathi umuntu ebambelele ebubini, uSathane umkhipha kancane kancane loyomuntu kubantu asuke beseduze noAllah.Uma ungase uzibalele, ingaki intsha esiqhelile ku Allah,engathandazi kahlanu ngelanga,ezilayo,ihumushe iQu'aan,ifunde nge Islam,ihlale nabantu abamesabayo uAllah? Kunzima kuyo ngenxa yokuthatha izidakamizwa.
Umuntu owenza isono uyantenga athambe phambi kukaSathane bese evumela yonke into uSathane athi akayenze.Ashiye zonke izinto i-Islam esifundise yona.
Okuyingozikakhulu UKUDINWA NOKUNGATHOKOZI KUKA ALLAH
Isono lesi esiletha ukudinwa kukaALLAH yiso esiyingozi kakhulu,njengezidakamizwa.U-ALLAH ushilo ukuthi yonke into edakanayo iyiHaraam ngakhoke asiyigweme.
Akesiphenduke sicele intethelelo kuAllah kulabo esezibangenile ukuthi singaphinde siheheke, singabi njengomfanekiso walabo abayobuzwa ngobusha babo,ngempilo,nomcebo,nesikhathi ukuthi basisebenzisa kanjani.
I-Centre yama Muslim enza imisebenzi ehlukahlukene
I-Darul Ihsan yasungulwa ngoJanuwari ka 2000, lenhlangano eyama-Muslim (NGO) eseThekwini, RSA. Isebenza ekutheni isize nanoma ngubani, ungaba yi-Muslim noma awusilo, ngasekuthuthukiseni nanokusimamisa labo abangenawo amandla, kanye nokunye okuningi ngaphandle kwesinti. (Mahhala)
Leli Hhovisi linemikhakha enhlobonhlobo yokusiza, njengokuxazululwa kwezinkinga zabantu, eziphathelene nezemindeni, nokuphendula imibuzo emayelana ne-Islam, lixhase nabafundi ngemifundaze, ezikoleni nase manyuvesi, njll njll.
Okungukhiye noma okuyimpande yenhloso yalenhlangano, ukuthi ifuna ukuqwashisa nokwazisa abantu abangazi kahle ngenkolo ye-Islam, ukuthi iyinkolo yoxolo nomusa, ukuze kungabikhona ukungezwa ngabantu bebika into engelona iqiniso ngaleNkolo. Nokuthi labo asebelazi iqiniso bayikhethe leNkolo.
Lapha asichazi kuphela izinto zokholo, kepha sibheka yonke into ephathelene nobuntu.
Sinekomiti lokulamula elibheka nezimpikiswano ikakhulukazi ezokwabiwa kwamafa, namaBhizinisi, Bonke abathintekayo balethwa ndawonye ukuba basamukele isinqumo sokugcina.
Sinama khalenda, nezincwadi ezichaza kabanzi nge-Islam, sinama PDF nama MP3 ongawaloda kwi-website yethu, konke lokhu kutholakala MAHHALA.
Ngamafuphi igama elithi IHSAAN lichaza uKumazi Umdali uMvelinqange.
Isiphetho
Le-Centre yasungulwa ngomusa kaNkulunkulu ngu Mufti Zubair Bayat, ngonyaka ka 1420 / 2000.
Okumanje ise Sea Cow Lake, Parlock, Ethekwini.
Nantu uhla lweminye imisebenzi esiyenzayo kule Centre ngenzansi.
EMNYANGWENI WEZEMFUNDO
- Amakilasi eHifz (Madrasah Abraar)
- Amakilasi abafundi bebanga eliphezulu (Madrasah Abraar)
- Amakilasi esi-Arabhu kubafundi baseyunivesithi (The Arabic Academy)
- Senza namaWorkshop, Seminas nama Symposiusm
- Ama-course ayisipesheli
EMNYANGWENI WEZOKWELULEKA
- Ezemishado
- Ezemindeni
- Ukululekwa ngocingo
- Ukululekwa nge-email, nange Skype
EMNYANGWENI WEZENHLALAKAHLE
- Ukudla kwezingane zesikole
- Ezibhedlela
- Sikhokhele ne Rent, ugesi, amanzi
- Sisize abadayisi
- Amaphasela okudla
- Imisebenzi
- Imifundaze
EMNYANGWENI WEZOKULOBA
- Iphephandaba
- Ukuchaza izincwadi
- Iziqephu
- Ama CD
EMNYANGWENI WOMPHAKATHI
- Sine library
- Sikhuthaza intsha
- Izindaba
- Ne Dawah
EMNYANGWENI WE I.T
- Sine website
- Q & A
- Udownloda mahhala
- Amafayili ama-Audio mahhala
EMNYANGWENI WE FATWA
- Ukuphendulwa kwemibuzo
- Fatwas, ngama sms, ucingo, fax, email, njll njll..
- Ukucwaninga kwezinto ezivelayo ezintsha
- Sichaze ngezokwabiwa kwamafa ngokwe Islam
YINI I-ISLAM
I-Islam yinkolo eyavuselelwa nguMphrofethi - uMohammed (ukuthula makube kuye), Eyisusela ezinkolweni zabo bonke abaPhrofethi Ababezishumayeza kubantu babo. Ukholo kwi-Islam lusekelwe yizinsika ezinhlanu.
Insika yokuqala
(i-Kalima)
Isifungo sokholo ubunye boMdali wamaZulu noMhlaba. Akekho odinga ukukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi.Yonke into Ekhona kuloMhlaba nasemaZulwini ngeYakhe.
Akukho muntu onamandla angalingana namandla ka-Allah (uMvelinqange) Wuyena ophethe yonke into. Kusukela ezintuthaneni, ezinyonini (Wuyena ozondlayo) kuze kufike kuMuntu.
Insika yesibili
I-Salaah (Umkhuleko)
Ama-Muslim athandaza kahlanu ngosuku. Kuwumgomo ukuba i-Muslim lithandaze, kwazise ukuthi umthandazo yindlela yokubonga ku-Allah, ngakhokonke akwenzela khona, kusukela uvuka uze uyolala. Akukho lapho i-Muslim lingakwazi khona ukuthandaza, kungabe lisekhaya, emsebenzini, ohambeni, ekuzijabuliseni, nasosizini, kepha ayikho indawo enhle yokuthandazela eyedlula i-Musjid (indlu yokukhuleka).
Insika yesithathu
Sawm (ukuzila ukudla)
Ekhalendeni lama-Muslim kunenyanga yokuzila ukudla eyaziwa ngokuthi i-Ramadhaan. Kulenyanga yonke ama-Muslim umhlaba wonke ayazila, agcina ukudla ekuseni kusempondozankomo kuze kuyoshona ilanga ntambama engathanga mbibi. Lenyanga eyokuzithiba.
Insika yesine
Zakaah (umnikelo)
I-Islam inomgomo kulabo abathe babusiseka ngengcebo ukuba babonelele labo abantulayo ngomnikelo okungenani kanye ngonyaka. I-Islam ikhuthaza ngesisho esithi: Sibusisiwe isandla esiphayo kunesamkelayo.
Insika yesihlanu
Hajj (Uhambo lokuvakashela umuzi ka-Allah ongcwele)
I-Muslim ngaliye ngalinye kumele lihambele lomuzi oseMakkah (e-Saudi Arabia) okungenani kube kanye empilweni yalo, uma linawo amandla okuthatha loluhambo. Akunqatshelwe ukwenza i-Hajj uphindelela.
IZINTO OKUKHOLELWA KUZO
UBUNYE BAKHE
Ubunye bukaMvelinqange uSomandla, ukuthi akazali futhi akazalwanga, ungumnini mandla wonke.
UKUKHOLELWA EZINGELOSINI
I-Muslim likholelwa eziNgelosini zoMdali. Zingukukhanya ondalo yazo engadingi kudla naziphuzo.
Azinankanuko Yomzimba kanti futhi azinazidingo zalutho oluphathwayo, zihlale zidumisa uNkulunkulu (uMdali) ngasosonke isikhathi. Ziningi ngalendlela yokuthi azibaleki, leyo naleyoNgelosi inomsebenzi wayo, asikwazi ukuzibona ngamehlo, kodwa kukhona ezihlala zisigadile zisivikele emimoyeni emibi nasezingozini.
IMIQULU ENGCWELE KA-ALLAH
Kunezincwadi uMdali azambulela abaPhrofethi abathile ukuhola izizwe zabo.
Nazi ezinye, ezine ezibalulekile zalezizincwadi:
I-Torah (i-Testamente elidala)
I-Zaboor (AmaHubo)
I-Injeel (i-Testamente elisha)
I-Qur'aan (incwadi yokugcina)
Lezizincwadi ezine zembulwa kulababaPhrofethi abahloniphekileyo, uMphrofethi uMose, uDavide, uJesu kanye noMohammed (ukuthula makube kubo bonke)
Zonke lezincwadi zazembulwa ngesikhathi esisodwa ngaphandle kweQur'aan yona yembulwa isikhathi esathatha iminyaka engamashumi amabili nantathu (23 years)
ABAPHROFETHI KWI-ISLAM
Ngokwe-Islam uMdali usidalele isizathu esibalulukile, Ukumdumisa yena nokuphila impilo ebusisekile, neyakhelwe ezimfundisweni Zakhe. Ngaleyondlela-ke, kusosonke isizwe umdali uye wakhetha uMphrofethi ozodlulisa umyalezo wakhe kubantu. Kungalesizathu Ama-Muslim engacwasi kubaPhrofethi, uMohammed (ukuthula makube kuye) ungowokugcina ngci kubaPhrofethi baka Allah.
USUKU LOKWAHLULELA
Ngolunye usuku lomhlaba uyophela (uzobhubha), kanti akekho owazi usuku nesikhathi ngaphandle kukaMvelinqangi (uMdali). Nazi izibonakaliso zokusondela kosuku njengoba umPhrofethi u-Mohammed (ukuthula makube kuye) azichaza wathi:
-Lapho abantu sebengahloniphi, bengasabalaleli nabazali babo.
-Ukuthembeka sekungasekho.
-Ukucula, umculo, nenhlamba, ukudansa kuyobe sekuyinsakavukela.
-Amaqaba ayoba ngabaholi, kuthi abangazi lutho banikwe izikhundla eziphakeme.
Ngalolusuku konke okuphilayo kuyoshabalala. Umuntu yena akazusala nalutho ngaphandle kwemisebenzi ayenzele uMdali, kanti uyobe esejeziswa noma aklonyeliswe ngokufanelekile. Ngalolusuku akekho ongeke asinde ekwahlulelweni.
UKUDALELWA
I-TAQDEER
Uma uyi-Muslim kumele ukholelwe ekutheni konke okuhle nokubi kuqhamuka ku Allah, bekuvele kudaliwe. Sikholelwa ekutheni uMdali wazi yonke into ngaphambi kokuba idalwe.
IMPILO EMVA KOKUFA
Ngokwe Islam , uMhlaba uyindawo yokuvivinywa, kanti umuntu uhlale evivinywa kuwona. Kukhokonke umuntu akwenzayo, uMdali uhlale emgadile. Ngolunye usuku impilo yaseMhlabeni iyophela bese kuvuka uMhlaba omusha. Kukuyo lempilo yangemuva kokufa lapho umuntu eyoklonyeliswa khona noma ajeziswe ngezenzo zakhe ezinhle nezimbi.
Umdali uyokwahlulela wonke umuntu ngosuku lokwahlulela bese emthumela eZulwini, (isigaba sokuphila esiholela ekubusisweni kwaphakade, noma esihogweni, isigaba sembhubhiso nokujeza)
I-ISLAM YINDLELA YOKUPHILA
Ngokwe Islam bonke abantu bayafana. Akukaze nakanye emlandweni kubekhona umuntu ovinjelwa ukuthandaza endlini yokukhonza ngenxa yebala lakhe. I-Islam ishumayeza ukuthi uluntu lonke luwumndeni.
Ngokwezomnotho i-Islam ikhuthaza ukusebenza ngokusemthethweni. Okungavumelekile kwi-Islam ukuqola abantu, ufihle amaphutha entweni oyithengisayo, nokuziphilisa ngenzalo.
ABESIMAME KWI-ISLAM
Akukho lapho becwaswa khona ngobulili kwi-Islam, kepha i-Islam yenza umuntu abone imikhakha yamandla, Ngaleyondlela imisebenzi yabesilisa nabesifazane ibalulekile ngokulinganayo kubona kodwa ibe ingafani.
UMSHADO NESIHLUKANISO
Umshado uyisibopho sobuhlobo esibalulekile kakhulu phakathi komuntu wesilisa nowesifazane. Unjalo nje uholela empilweni engcono, emsulwa, nenenjabulo. Bobabili owesilisa nowesifazane, banelungelo elilinganayo lokuhlukanisa. Phezu kokuba kunjalo isahlukaniso asikhuthazwa, kepha sivunyelwa njengesixazululo sokugcina.
Yazi ukuthi umuntu uyintandokazi kumdali.
Sengathi u-Allah angasipha ubuhlakani, nempilo ende enezibusiso, asiphe okuhle kuloMhlaba nakwelizayo. Ameen
Intsha kumele izphathe kahle
Nanoma iziphi izenzo umuntu azenzayo kuhamba kuhambe zibuye ngaye. Ayikho into oyenza kugcine kunjalo, ekugcineni kubuya ngawe.
Ngezikhathi zamaholide kakhisimusi bekubukwa intsha ngezenzo zayo ezingezinhle neze.
Beyihamba yehlayenyuka emigwaqeni kodwa imisebenzi ikhona emakhaya.
Ukuvela ngaphandle ematekisini iphethe amathawula ihlabelela nezimoto ezigqomayo.
Ukusetshenziswa kwezidakamizwa nophuzo oludakayo.
Ukuqabula intombazane phambi komphakathi ngale kwenhlonipho nokungabanaki abantu abadala.
Kuyaxaka ngoba lezizenzo zibizwa ngenjabulo kepha umphumela wazo ukufa. Umbuzo omkhulu ukuthi kulula yini ukuzithiba ocansini uma usuphuze kakhulu noma usebenzise iziyobisi na? Kusho ukuthi nokuqwashisa ngengculazi kungumdlalo.
Intsha kumele ike icabangisise kahle ukuthi lezizenzo ziyogcinaphi nokuthi kufanele yini umuntu aphilele ukufa.
Kumele intsha yazi futhi ukuthi izinto ezenza manje, ziyoba nomphumela ongemuhle nasentsheni eza emvakwayo.
Make sonke sizithibe sicabangele imindeni yethu nabantu esiphila nabo, nokuthi siyongcwaba koze kubenini ngenxa yenjabulo enobudedengu.
Intsha kumele ibukele entsheni yango 1976 esakhunjulwa namanje ngenxa yemisebenzi yayo emihle.
I-Islam iyisixazululo, ngakhoke uma ufuna ukwazi ukuthi iyisixazululo kanjani. Thintana nathi kulikheli, noma shayela kulezinombolo ezilandelayo:
ULAKA LWAMALANGABI NGABAKOKUFIKA NOKUCWASWA KULELI
(XENOPHOBIA)
Lobu bulwane nokungaphucuzeki kokuhlasela abokufika kuleli ezinsukwini ezimbalwa ezedlule lapha eMzansi (South Africa) imbewu esihlaza sonke kulelizwekazi lothu. Siswele ngisho nomgodi wokucasha. Lokhu okwenzekayo kubeka isithombe esibi kakhulu lelizwe lethu emazweni omhlaba.
Lokhu kucwaswa nokuhlasela abokufika kuleli kuhlukumeza noma kuphatha kabi wonke umuntu ohlala kulelizwekaki lethu. Kungenzeka kanjani ukuthi lobudlova, nokulimaza, nokubulala kwabokufika kuleli kuvunyelwe kulelizwe lenkululeko lakithi na? Laba hambi bakwamanye amazwe, abazisukelanga emazweni abo nje ngokuthanda, kodwa basuswe ukuhlupheka nodlame nesimo esingesihle neze kwelakubo, yibo lababantu ababesizwela nabasisiza ngenkathi nathi sisenkingeni yokuhlukumezeka ngesikhathi sobandlululo lapha kwelakithi. Namhlanje ngenkathi bedinga usizo kithina sesiyabahlukumeza futhi sifuna ukubakhipha kuleli lakithi.
Iqiniso
Eqinisweni nje, kunezinto eziyimbangela yalokhukucwasana phakathi kwethu nezihambi zakuleli. Ngakhoke ayikho indlela yokuguqula osekwenzekile.
Kodwa esimele sikwazi ukuthi imbangela noma umsusa waloluchungechunge lokuhlaselana ludalwe ukwentuleka kwemisebenzi, ukuswela ukudla, impilo engekho esimeni esihle sokuhlala, ukwenyuka kokudla, njll. njll.
Okumele Sikwenze:
Uhulumeni kumele abize umhlangano ophuthumayo ekufuneni isixazululo ngokushesha.
AmaMuslim kanye nezinhlangano zezinhlalakahle kumele bazame ukusiza nanoma iyiphi indlela.
Yonke umuntu ohlala kulelizwe lakithi kumele abambe iqhaza ekuzameni ukusiza kulokhu osekuvelile, sizame ngayoyonke indlela ekunqandeni lobugebengu.
Oku baluleke kakhulu wukuthi osomabhizinisi kumele bayeke ukuhlukumeza abantu bakuleli ngokuthi baqashe abokufika kuleli bese bebaholela imali encane.
Njengoba izwe lisenkingeni, kumele sikhumbule umdali simncenge asivikele kukhokonke okubi, sicele kuMdali asithethelele izono zethu, sinikele kwabaswele. Siqinise ekwenzeni izenzo ezinhle.
SENGATHI U-ALLAH ANGABANOMUSA KUTHINA SONKE
YINI I-HALAAL NE HARAAM
EZINTWENI EZIDLIWAYO
Halaal
Leligama elithi Halaal, igama lesiArabhu elichaza izinto EZIVUMELEKILE ekutheni uzidle, nokuthi ukudla neziphuzo ozidlayo zivumelekile yini ukuzidla uma uyiMuslim.
Umthetho wamaMuslim ophathelene nezokudla yiwo olawulayo ekutheni yikuphi okokuphuza nokudliwayo okuvumelekile okuyiHalaal. Yonke lemithetho itholakala encwadini eNgcwele ka-Allah (iKur'aan), kanye nasezishweni (amaHadith) zoMphrofethi ka-Allah uMohammed (Ukuthula makube kuye) nasezincwadini zezazi ngeIslam.
Haraam
Leligama elithi Haraam, nalo igama lesiArabhu elichaza izinto EZINGAVUMELEKILE ekutheni ungazidla uma uyiMuslim. Nazo lezizinto ezingavumelekile zisekelwe yiyo iKur'aan nama Hadith oMphrofethi (ukuthula makube kuye)
Nantu uhla lwezinye izinto ezingavumelekile Haraam
1. Inyama yengulube
2. Igazi (ububende)
3. Ingcube
4. Utshwala
5. Nazo zonke izilwane ezingahlatshwanga ngomthetho wama Muslim
Konke okunye ngaphandle kokungenhla kuvumelekile Halaal
Uma ufuna ufisa ukuchazelwa kabanzi sithinte kulenombolo
Written by: Ml Imran Ngcobo
Submitted by: Darul Ihsan