Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon              

Umzali wabobonke ububi (Zulu)

Umzali wabobonke ububi

IZIDAKAMIZWA

uHazrat Jaabir (RA) ulanda ngoRasulullah (Sallallaahu Alayhi Wasallam) ethi,''Yonke into enokudaka ayivumelekile,encane noma enkulu oyisebenzisayo.'' (Tirmidhi,Abu Dawood,ibn Maajah)

uRasulullah (Sallallaahu alayhi Wasallam) uyasitshela ukuthi yonke into edakayo ayivumelekile.Kulesisikhathi esiphila kuso, kunezidakamizwa ezisetshenziswayo okuyiNsangu,Mandax,LSD,Cocaine,Horraine,njll.Lokusetshenziswa kwalezidakamizwa sekungenela ngisho nasemakhaya amaMuslim,bese kuba nokuqhekeka okukhulu emphakathini nasemakhaya imbala,lokuthathwa kwalezidakamizwa kuyimbangela enkulu ekutheni imindeni ibulalane,ubugebengu,ukuhlukunyezwa kwezingane,nabobonke ububi obenzekayo manje.

 

Intsha yamaMuslim iheheka kalula, ikakhulukazi kubangani, ekutheni badlalele ngasezidakamizweni,utshwala,nakuzozonke izinhlobo zamahlazo.Uma siqhubeka senza izinto ngokunganaki,sihamba sizihloma nanomaphi ngoba sifuna ukujabulisa abangani bethu sizozithola sisenkingeni enkulu,lapho kuyobanzima ukuzikhipha kuyo.

 

Oh maMuslim! Vukani emaqandeni! Impilo yalezidakamizwa yimpilo eya ebumnyameni sibhekile,singenzi izinto ezenziwa ngezinye izizwe ngoba sifuna ukubukwa. Lokhu kukukhipha endleleni eqondile njenge Muslim.

 

Lesi yisikhathi sokuthi sazi ukuthi lezidakamizwa zinobungozi obuningi obuhlukahlukene esingeke sabunaka uma sesibanjwe yizo izidakamizwa.Njengokuthi izidakamizwa zibulala loyo ozisebenzisayo,ngokomoya,impilo,isimo somzimba,ingqondo,nomcebo kanye nomndeni,nomakhelwane.

 

UKULIMALA NGOKOMOYA

 

Okuyikhona okukhulu ukulimala okomoya nokungamesabi uAllah,awube usakwazi ukubambelela kwi-Islam njengomuntu omesabayo uAllah.Ngenkathi umuntu ebambelele ebubini, uSathane umkhipha kancane kancane loyomuntu kubantu asuke beseduze noAllah.Uma ungase uzibalele, ingaki intsha esiqhelile ku Allah,engathandazi kahlanu ngelanga,ezilayo,ihumushe iQu'aan,ifunde nge Islam,ihlale nabantu abamesabayo uAllah? Kunzima kuyo ngenxa yokuthatha izidakamizwa.

 

Umuntu owenza isono uyantenga athambe phambi kukaSathane bese evumela yonke into uSathane athi akayenze.Ashiye zonke izinto i-Islam esifundise yona.

 

Okuyingozikakhulu UKUDINWA NOKUNGATHOKOZI KUKA ALLAH

 

Isono lesi esiletha ukudinwa kukaALLAH yiso esiyingozi kakhulu,njengezidakamizwa.U-ALLAH ushilo ukuthi yonke into edakanayo iyiHaraam ngakhoke asiyigweme.

 

Akesiphenduke sicele intethelelo kuAllah kulabo esezibangenile ukuthi singaphinde siheheke, singabi njengomfanekiso walabo abayobuzwa ngobusha babo,ngempilo,nomcebo,nesikhathi ukuthi basisebenzisa kanjani.

 

 

 

 

 

Login to post comments

Nisab

28/03/2024

  • Mahr Fatimi: R22649
  • Minimum Mahr: R449
  • Zakaah Nisaab: R9062
  • Fidya: R28.00
  • Sadaqatul Fitr: R28.00

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com