Print this page

Ukuziphatha Emphakathini Ukudla & Neziphuzo -Ungamoshi - (Eat & Drink -Do Not Waste-)

Isikhathi sokuphela konyaka kuvamise ukuba izinkampani nabantu thizeni benzela izisebenzi zabo ezithembekile nalabo ababafisela okuhle imicimbi ngokusebenza kahle kwabo nokubaxhasa kwabo.

Noma kuwumkhuba omuhle, ukuchitha izimali ezishisiwe nokumosha sekuphenduke umchilo wesidwaba kulemicimbi. Okuphawulekayo okuhlobene nokumosheka kokudla kuyamangaza, ngesikhathi iningi labantu abasizungezile behlala ngaphandle kokondleka.

I Quran ithi: ‘’ Yidlani nibuye niphuze, kepha ningamoshi. Ngempela Yena [u Allah ] akabathandi labo abamoshayo.’’ [ Surah Araf ]

Kwelinye ivesi i Quran ibika ukuthi: ‘’ Ngempela, labo abamoshayo bangabafowabo bama Shayateen.’’ [ Surah Isra ]

Kulemicimbi kumele sichabe amathambo engqondo ngalabo abangenalutho sigweme ukumosha nokusaphaza.

Okulandelayo ngeminye yemibono:

. Musa ukumosha ukudla ngesikhathi sokulungisa ukudla, ngesikhathi ukuthenga kumbe uma kunguwe omeme abantu.

. Phaka isikalo sokudla ozokwazi ukukudla ukuqede kuphela.

. Ungasigcwalisi isitsha sakho bese ingxenye yaso uyayichitha – lokho kuphambene ne Sunnah yokudla.

. Ukudla okusalile kumele kupakishwe ngendlela bese kunikezelwa kulabo abazokujabulela.

. Thakasela izibusiso zika Allah Ta’ala ugweme ukumosha ngawo wonke amandla akho.

Login to post comments